top of page

Zulu

Umzimba wami ngumzimba wami (Sub-titles)

Umzimba wami ngumzimba wami

Sanibonani, igama lami ngingu-Cynthie namuhla sizokwenza uhlelo “Umzimba wami ngumzimba wami
 

Sizocula amaculo, sibe nesikhathi esimnandi futhi sifunde ukuthi sizigcina kanjani siphephile.

Niyazi, imizimba yethu ibaluleke kakhulu futhi akekho onelungelo lokusihlukumeza noma asithinte izindawo eziyimfihlo noma enze noma yini engasenza singaphatheki kahle ngoba umzimba wethu ubaluleke kakhulu.

Njengamanje sizokwenza sizocula iculo lokuqala futhi ngicela nicule nami.

Umzimba wami ngumzimba wami
 

Umzimba wami, ngumzimba wami futhi akekho onelungelo lokungihlukumeza ngoba umzimba wami ngumzimba wami,

Umzimba wami, ngumzimba wami futhi akekho onelungelo lokungithinta ngoba umzimba wami ngumzimba wami

Nginezandla ezimnbili zokuthinta futhi namehlo okubona

Futh nezindlebe ezimbilili zokuzwa lokho ongitshela kona

Nginezinyawo ezimbili ukungiyisa lapho ngiyakhona

Futhi nginezindawo eziyimfihlo engingafuni ukuziveza

Umzimba wami, ngumzimba wami futhi akekho onelungelo lokungihlukumeza ngoba umzimba wami ngumzimba wami

Umzimba wami, ngumzimba wami futhi akekho onelungelo lokungithinta ngoba umzimba wami ngumzimba wami

Nginezinwele ekhanda lami engifuna uzibone
Nginenkaba maphakathi name

Nginekhala elihle kanye nezinzwane ezilishumi

Futhi nginomlomo ukukutshela lokho engifuna ukwazi.

Umzimba wami ngumzimba wami

Futhi akekho onelungelo lokungihlukumeza

Ngoba umzimba wami ungumziba wami

Umzimba wami, umzimba wami

Akekho onelungelo lokuwuthinta

Ngoba umzimba wami ungumziba wami

Yebo umzimba wami ungumzimba wami

Sanibonani, igama lami ngingu-Cynthie namuhla sizokwenza uhlelo “Umzimba wami ngumzimba wami

Uma kungalungile Ungakwenzi

Sizolijabulela leliculo elilandelayo

Linomgomo okubalulekile ukuthi siwukhumbule

Umgomo ukuthi – Uma ngibona ukuthi ayilungele into – angiyenzi

Angikhulumi ngezinto ezifana nomsebenzi wakho wesikole noma ukuhlanza ikamelo lakho

Ngikhuluma ngesimo lapho umuntu efuna uhambe naye, wena ube wazi ukuthi akulungile

Uma kungalungile – ungakwenzi!!

Noma uma befuna ukukwenzisa into engalungile

Uma kungalungile – Ungakwenzi!!

umzimba wami ungumziba wami

Uma kungalungile – Ungakwenzi!!

Kunabantu lapha ngaphandle abacabanga ukuthi uyisilima

Futhi bayazama ukukunika izidakamizwa, bangafuni uye esikoleni

Bakutshele ukuthi gcina izimfihlo, kodwa wena yazi kumele  wenzeni

Uma kungakulungele Ungakwenzi, Huh!!

Qha, uma kungalungile Ungakwenzi

Qha, uma kungalungile Ungakwenzi

Abantu bangakutshela ukuthi bayakunakekela

Angisho ukuti ukuthi ungaxoxi nabanye

Kodwa uyozwa ngaphakathi kuwe uma kukhona okungalungile

Uma kungalungile Ungakwenzi

Qha, uma kungalungile, Ungakwenzi, Huh!! 

Ungakwenzi, Ungakwenzi

Qha, uma kungalungile, Ungakwenzi, Huh!! 

Ungakwenzi, Ungakwenzi

Qha, uma kungalungile, Ungakwenzi, Huh!! 

Uma kungalungile – Ungakwenzi!!

“Uma kwenzeka”
 

Sizodlala umdlalo obizwa “Uma kwenzeka”

Kunemibuzo kanye nezimpendulo

Uma ufuna ukuba ngumnqobi ngaso sonke isikhathi

Ilokhu okumele ukwenze

Yithi Cha! Uthi nje Cha!

Uma kwenzeka kuphuma iskole

Umuntu ongamazi ezama ukukuyisa ekhaya

Eshayela imoto enhle entsha

Bekubingelela befuna ukukugibeza

Oh Cha, angikwazi wena

Angeke ngigibele emotweni yakho

Ngoba uMama noBaba bangitshela

Ngingalokothi ngihambe nomuntu engingamazi,
Angothi Chat!! Ngithe nje Cha!!

Manje-ke uma kwenzeka, usekhaya

Umisisi wasekhaya okugadayo

Ezama ukukuthinta ngaphansi kwengubo

Ungenzenjani?

Ubothi Cha,mgadi wami

Angifuni ungithinte lapho

Ngoba leyo indawo yami eyimfihlo

Futhi umzimba wam akusiwo owakho,
Ngiyothi Cha!! Ngithi nje Cha!!

Sidlala umdlalo othi “Uma kwenzeka”

Kunembuzo nezimpendulo zakho

Uma ufuna ukuba ngumnqobi ngaso sonke isikhathi

Ilokhu okufanele ukwenze,

Thana Cha! Uthi nje Cha!

Manje-ke, uma kukhona

umngani noma ilunga lomndeni

elikuthinta izindawo ezingaphansi noma elikuhlukumezayo

nokuyinto engalungile, uyothini? 

Ubuthi Cha!

Ngicela ungakwenzi lokho
Angithandi ungithinte ngaleyondlela
Noma ngikukhonze ngampela
Kodwa ungakwenzi lokho kimi
Ngoba ngimncane uyabona
Ngizothi Cha, ngithi nje Cha!
Ngithi Cha!

“Uma kwenzeka”
 

Manje sesizodlala umdlalo othi “Uma unenkinga”

Kulengoma sizofunda ukuthi senza kanjani

uma umuntu esingamazi efuna ukuhamba nathi

noma umuntu ezama ukusithinta izindawo zethu eziyimfishlo

Uyayazi indawo ikuphi indawo yakho eyimfihlo?

Ilapho ibhulukwe noma isketi sakho isifihle khona

Akekho namunye okufanele athinte indawo yakho eyimfihlo ngaphandle uma useyingane encane kakhulu

UMama noma uBaba kufanele akugeza indawo yakho eyimfihlo, kodwa ngokushesha uzofunda ukuzigeza

Noma ugula noma kubuhlungu, uMama noma uBaba noma uDokotela

kungafanele afake umuthi lapho, kodwa ngaphandle kwabo akekho okumele athine indawo yakho eyimfihlo.

Sizfunda futhi ukuthi senzeni

uma emndenini nasemakhaya ethu besenza singazizwa kahle noma besihlukumeza, Okufanele ukwenze kumlodlalo umemeza u- “CHA”, ngifuna nimemeze kamnandi kakhulu

“Uma kwenzeka”

Uma unenkinga

Kusemqoka ukwazisa othile uma kukhon aokuhlukumezayo noma okuthinta izindawo eziyimfihlo
 

Noma uzizwa usaba noma uphoxekile kufanele ube nesibindi esikhulu utshele othile. Baningi kakhulu abantu ongabazisa:
uMama, uBaba, uGogo, uMkhulu, uAnti, uMalume, Thisha, uMzala,Umakhelwane, abazali bomngane wakho, amaPhoyisa, abahlengikazi kanye nabantu aseduze kwakho.

Uma ubatshela bengakukholwa, bangaze bakutshele ukuthi ukugcine lokho kuyimfihlo, kodwa qinisekisa uahamba utshele omunye.

Uma bengakukholwa, utshele omunye futhi, ulokhe utshela abanye uzoze umthole ozokulalela.
 

Ungalokothi uphele amandla !!

Uma unenkinga

Uma unemkinga
 

Uma unenkinga ungazi kumele wenzenjani

Hamba uxoxele othile, baze bakulalele

Kufanele uthole umuntu ozomxoxela ngalokho okukuphethe kabi

Uma unenkinga thola umuntu ozokulalela

Khuluma noMama noma uBaba
noma uGogo noMkhulu futhi

uAnti wakho noma uMalume
noma uTisha eskoleni

Kufanele uxoxe kuze kube khona okulalelayo,
uma unenkinga thola umuntu ozomtshela

Uma kukhona okuhlukumezayo
futhi awazi wenzenjani,
hamba uyotshela othize aze akulalele

Kufanele uthole othile,
ukumxoxela ngoalokho okukuphatha kabi

Uma unenkinga, thola othile ozokulalela

Khuluma nomakhelwane,
umaluleki wakho eskoleni

Umuntu omaziyo noma omthembayo

Ukuxoxa ngezinkinga zethu kufanele

Qhubeka uxoxe kuze
kubekhona okulalelayo

Uma unenking
thola umuntu ozomxoxela ngayo

 

Uma unenkinga khuluma
ngayo kuze kube khona okuzwayo

Umzimba wami ngumzimba wami Logo

Uthando lumnene, Uthando uzwelo


Uthando lumnene,

Uthando uzwelo

cula njalo uzothola

ziningi izinto ezimnandi esingazenza

ukukhombisa uthando lwethu

 Angeke wangifundela incwadi

Noma siye phandle siyodlalaibhola

Ungangisiza ngigibele iBhayisikile lami ukuze ngingawi

Ziningi kakhulu iznto

Esingazenza ndawonye

Ziningi kakhulu izindlela

esingakhombisa ngazo ukuthi siyanakekela

Ziningi kakhulu izikhathi

esingatshelana ngazo ukuthi ngiyakuthanda

Uma unesikhathi

ngingathanda ukuba kanye nawe

Uthando lumnene

Uthando uzwelo

Cula uzothola ukuthi

kumnandi ukwabelana ngazinto kanye nawe
 

Umzimba wami ngumzimba wami Logo

Uthando lumnene, Uthando uzwelo

Ake sikhulume ngothando, kubalulekile ukuthandwa.

Futhi abantu abalukhombisi uthando lwabo kuwe ngokukuhlukumeza, noma ngezinto ezikwenza ungazizwa kahle.

Abantu bakhombisa ukuthi bayakuthanda ngokwenza izinto ezifana nokufunda izincwadi, ukudlala imidlalo, ukuba nesikhathi esimnandi nawe, bazule noma bakufundise ukugibela iBhayisekile.

Uthando lumayelana nokwabelana nokunakelelana.

Abazali bethu nabanakekeli bethu bayaqinisekisa ukuthi siphephile. Basipha ukudla, baqinisekise ukuthi siyaxubha amazinyo, nokuthi sinezingubo ezihlanzekile zokugqoka,

futhi uma sigula basiyisa kuDokotela.

Kubalulekile ukuthi sinakekelwe kahle, khona sizokhula sinempilo, sijabulile fithi siqinile

Uthando lumnene, Uthando uzwelo

Ngiyathemba nikuthokozele ukucula lezingoma kanye nathi, nakuthi nizokhumbula izinto enizifundile ngokubaluleka kwemizimba yenu. Khumbula ukuthi Cha!! Uma kukhona uzama ukukuthinta izindawo zakho ezimfihlo noma ezama ukukwenza into engalugile noma ekuhlukumeza.

Khumbula umgomo ‘Uma kungalungile - ungakwenzi

khumbula futhi ukutshela othize omthembayo uma uhlukumezeka noma ingayiphi indlela

futhi lokhu utshela abantu baze bakulalele

Ungalokothi uphele amandla

Asiculeni iculo “Umzimba wami ngumzimba wami” futhi!!

Translations kindly done by : Lindo Mbatha
With thanks to Stichting GetOn​ 
South Africa

bottom of page